Izibonakaliso zethu asiziboni; akusekho mprofethi, akakho phakathi kwethu owaziyo ukuthi koze kube nini.
UMikha 2:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ningaprofethi, basho kwabaprofethayo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ningaprofethi,” baprofetha, basho njalo, “ningaprofethi ngalokho; ihlazo aliyikusifica.” IsiZulu 2020 “Ningaphrofethi,” baphrofetha, bathi: “Akufanele niphrofethe ngalokho; asiyukuthelwa ngehlazo. |
Izibonakaliso zethu asiziboni; akusekho mprofethi, akakho phakathi kwethu owaziyo ukuthi koze kube nini.
Ngokuba uJehova uthululele phezu kwakho umoya wobuthongo obunzima, wavala amehlo akho; Wasibekela abaprofethi nabaholi benu, ababoni.
abathi kubaboni: Ningaboni; nakubaprofethi: Ningasiprofethi izinto eziyiqiniso, khulumani izinto ezibushelelezi, profethani inkohliso;
Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho eningizimu, izwi lakho liwele ngaseningizimu, uprofethe ngehlathi lensimu yaseningizimu;
Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho likhulume ezindlini ezingcwele, uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli,
Ngiyakwenza ulimi lwakho lunamathele olwangeni lwakho, ukuze ube yisimungulu, ungabi yisijeziso kubo, ngokuba bayindlu edlubulundayo.
Kepha nina naphuzisa amaNaziri iwayini; walaya abaprofethi, wathi: Lingaprofethi.
Manje yizwa izwi likaJehova: Wena uthi: Ungaprofethi ngokumelene no-Israyeli, futhi ungavumeli izwi lakho lehlele indlu ka-Isaka.
Ngalokho ubusuku buyakuba kini, ningabi nakubona; kuyakuba mnyama kini, ukuze ningabhuli; ilanga liyoshona kubaprofethi, usuku lube mnyama phezu kwabo.
Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi, nihambe ngamacebo abo; ukuba ngikwenze ihlane nabakhileyo kulo babe yinhlekisa; ngakho-ke kufanele uthwale ihlazo labantu bami.
Kodwa ukuze kungabe kusaqhubeka phakathi kwabantu, kasibasongele ukuthi bangakhulumi kumuntu ngalelibizo.
Ethi: “Asiniyalanga yini ukuthi ningafundisi ngaleli gama na? bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalumuntu phezu kwethu.
Basebemvumela; sebebabiza abaphostoli, babatshaya, babalaya ukuthi bangakhulumi ngebizo likaJesu, babakhulula.
Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele;