Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHoseya inkosi yase-Asiriya yalithumba iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni iGoshani nasemizini yamaMede.
UMikha 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zenzele-ze, uzikhethele wena kubantwana bakho onobubele; khulisa impandla yakho njengokhozi; ngoba bamukile kuwe ekudingisweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho, wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe. IsiZulu 2020 Gunda ube yiphandla, ngenxa yabantwana obathandayo, uyandise impandla yakho njengenqe, ngokuba baya ekuthunjweni. |
Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHoseya inkosi yase-Asiriya yalithumba iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni iGoshani nasemizini yamaMede.
Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka.
Wenyukela eBayiti naseDiboni ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; UMowabi uyakukhala eNebo naseMedeba; kuwo wonke amakhanda abo kuyoba yimpandla, nazo zonke izilevu ziyogundwa.
Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabiza ukukhala, nokulila, nempandla, nokubhinca izingubo zokulila.
Abakhulu nabancane bayakufa kuleli zwe; abayikungcwatshwa, futhi abayikuzikhalela, abayikuzisika, bangazenze nqunu ngabo.
Bese bhinca indwangu yamasaka, ukulila nokukhala, ngokuba ulaka lukaJehova alusukanga kithi.
Impandla yaba phezu kweGaza; I-Ashikeloni lachithwa nensali yesigodi sabo; koze kube nini uziqothula?
O ndodakazi yabantu bami, bhinca izingubo zokulila, uzigoqe ngomlotha; ulilele njengendodana eyodwa, isililo esimunyu, ngokuba ngokuzumayo umchithi uyakusehlela.
Nquma izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, uphakamise isililo phezulu; ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane solaka lwayo.
Vuka, ukhale ebusuku; thulula inhliziyo yakho njengamanzi phambi kukaJehova ekuqaleni kwemilindo; phakamisela kuye izandla zakho ngenxa yokuphila kwabantwana bakho abafa yindlala ezingqongeni zonke zemigwaqo.
Ngokuba usho kanje u-Amose, uthi: “UJerobowamu uyakufa ngenkemba, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa asuke ezweni lakhe.
Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Umkakho uyakuba isifebe emzini, amadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, izwe lakho lihlukaniswe ngentambo; futhi niyofela ezweni elingcolile, futhi u-Israyeli ngokuqinisekile uyoya ekudingisweni asuke ezweni lakhe.
Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe-yisililo, nazo zonke izingoma zenu zibe isililo; ngiyakwenza ukuba kukhuphuke indwangu yesaka ezinkalweni zonke nempandla emakhanda onke; ngiyakukwenza kube njengesililo sendodana eyodwa, nokuphela kwakho kube njengosuku olubabayo.
Lizazala amadodana lamadodakazi, kodwa kaliyikuthokoza ngakho; ngoba bayakuthunjwa.