Bakhumbule, Nkulunkulu wami, ngokuba bangcolisile ubupristi nesivumelwano sobupristi nesamaLevi.
UMalaki 2:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Asinababa munye sonke na? akasidalanga unkulunkulu oyedwa na? Kungani ukuba sibe yilowo nalowo kumfowabo, singcolise isivumelwano sawobaba na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Asinaye ubaba munye thina sonke? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo, sisingcolisa isivumelwano sawobaba na? IsiZulu 2020 “Kanti asinaBaba munye yini thina sonke na? Akamunye yini uNkulunkulu owasidalayo na? Pho sikhohlisanelani omunye nomunye, sihlambalaze isivumelwano sokhokho na? |
Bakhumbule, Nkulunkulu wami, ngokuba bangcolisile ubupristi nesivumelwano sobupristi nesamaLevi.
Owangenza esiswini akamenzanga na? futhi akasibumbanga namunye esiswini sikanina?
Uyazi yini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye owasenzayo, akuthina; singabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.
Nabona engakwenzayo kwabaseGibithe, nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
Uma manje nilalela ngempela izwi lami futhi nigcina isivumelwano sami, niyoba ingcebo yempahla yami ngaphezu kwabantu bonke, ngoba umhlaba wonke ungowami.
UMose wayesefika, wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezimiso zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumile siyakuwenza.”
Wayesethatha incwadi yesivumelwano, wayifunda phambi kwezindlebe zabantu, bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, sikulalele.”
Kepha manje, isho kanje iNkosi, uMdali wakho, O Jakobe, noMbumbi wakho, O Israyeli: Ungesabi, ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.
Ngisho wonke umuntu obizwa ngegama lami, ngoba ngimdalele inkazimulo yami, ngimbumbile; yebo, ngimenzile.
Usho kanje uJehova owakudalayo, wakubumba kwasesiswini, yena oyakusiza; Ungesabi, Jakobe, nceku yami; nawe Jeshuruni, engikukhethileyo.
Bheka uyihlo u-Abrahama noSara owakuzalayo, ngokuba ngambiza eyedwa, ngambusisa, ngamandisela.
Isibili wena ungubaba wethu, lanxa uAbrahama engasazi, loIsrayeli engasazi; Wena Jehova ungubaba, ungumsindisi wethu; igama lakho likhona kwaphakade.
Futhi akakho obiza igama lakho oziphakamisayo ukuba abambelele kuwe, ngokuba usithezile ubuso bakho, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
Kepha manje, Jehova, ungubaba; silubumba, wena ungumbumbi wethu; thina sonke singumsebenzi wesandla sakho.
Bayofika bekhala, futhi ngiyobahola ngokunxusa; Ngiyakubahambisa emifuleni yamanzi endleleni eqondileyo, abangayikukhubeka kuyo; ngoba nginguyise ka-Israyeli, futhi u-Efrayimi uyizibulo lami.
Ndodana yomuntu, abahlala kulawo manxiwa ezwe lakwa-Israyeli bakhuluma bathi: U-Abrahama wayemunye, wadla ifa lezwe; kodwa thina sibaningi; izwe linikezwe thina njengefa.
Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo; uma ngingubaba, kuphi ukudunyiswa kwami? uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami na? usho uJehova Sebawoti kini, nina bapristi, enidelela igama lami. Futhi nithi: Silidelele ngani igama lakho?
UJuda wenze ngokukhohlisa, futhi isinengiso senziwe kwa-Israyeli naseJerusalema; ngoba uJuda wangcolisa ubungcwele bukaJehova amthandayo, wathatha indodakazi kankulunkulu wezizweni.
Kodwa naphambuka endleleni; nikhubekise abaningi emthethweni; nichithile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti.
Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.
Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.
Ningacabangi ukusho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.
Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.
Baphendula, bathi kuye: Ubaba wethu uAbrahama. UJesu wathi kubo: Uma ningabantwana baka-Abrahama, benizokwenza imisebenzi ka-Abrahama.
Nina nenza imisebenzi kayihlo. Basebesithi kuye: Thina kasizalwanga ngokuphinga; sinoBaba oyedwa, uNkulunkulu.
Ingabe wena umkhulu kunobaba u-Abrahama osewafa na? nabaprofethi bafile; uzenza bani na?
UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena eyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;
Kakhonzwa ngezandla zabantu njengoswela ulutho, yena onika bonke ukuphila lokuphefumula lakho konke;
Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo;
Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana;
Kwathi ngangomuso wabonakala kubo belwa, wafuna babuyisane, wathi: “Madoda, ningabazalwane; niphathana kabi ngani na?
Kepha kithina munye uNkulunkulu, uYise, okuvela kuye zonke izinto, nathi sikuye; neNkosi eyodwa uJesu Kristu, okungaye zonke izinto, nathi singaye.
Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye komunye.
munye uNkulunkulu, noYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, okini nonke.
ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.
Futhi sinabobaba benyama yethu abasilayayo, sabahlonipha; kasiyikuzithoba kakhulu kuYise wawomoya, siphile, na?
Ngamthatha uyihlo u-Abhrahama ngaphetsheya kukazamcolo, ngamhambisa elizweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe ngamnika u-Isaka.