UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme.
UJoweli 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi izabhonga iseZiyoni, iphakamise ilizwi layo iseJerusalema; kuyakuzamazama izulu nomhlaba, kepha uJehova uyakuba yithemba labantu bakhe nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; izulu nomhlaba kuyazamazama, kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 “USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli. |
UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme.
UJehova uyakunika abantu bakhe amandla; uJehova uyakubusisa abantu bakhe ngokuthula.
Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
Uyakuhlala phezulu; isivikelo sakhe siyakuba yizikhali zamadwala; isinkwa uyakuphiwa; amanzi akhe ayakuqiniseka.
Kodwa lapho iNkosi ekhazimulayo izakuba kithi indawo yemifula ebanzi lemifula; okungayikuhamba khona umkhumbi uphethe izigwedlo, nomkhumbi wamaqhawe awuyikudlula.
UJehova uyakuphuma njengeqhawe, avuse ukushisekela njengeqhawe; Uyakubiza, yebo, abhonge; uyakunqoba izitha zakhe.
Futhi ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho, futhi ngakusibekela emthunzini wesandla sami, ukuze ngitshale amazulu futhi ngibeke izisekelo zomhlaba futhi ngithi kulo iSiyoni: Ningabantu bami.
Jehova, mandla ami, nenqaba yami, nesiphephelo sami ngosuku lwenhlupheko, abezizwe bayakuza kuwe bevela emikhawulweni yomhlaba, bathi: Obaba badla ifa lamanga, okuyize, nezinto ezingenakusiza.
Ngokuba ngomhawu wami nangomlilo wentukuthelo yami ngakhuluma ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu ezweni lakwa-Israyeli;
Bayakulandela uJehova; Ubhodla njengengonyama; uma Ebhonga, abantwana basentshonalanga bayathuthumela.
Wathi: “UJehova uyakubhonga eseSiyoni, aphakamise izwi lakhe eJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo seKarmeli sibune.
Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? iNkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?
UNkulunkulu unguJehova, uyinqaba elondekile ngosuku lwenhlupheko; futhi uyabazi abamethembayo.
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Sekuyisikhashana nje, ngizamazamise izulu nomhlaba, nolwandle, nomhlabathi owomileyo;
Ngiyozamazamisa zonke izizwe, futhi okufiselekayo kuzo zonke izizwe kuyofika; ngiyakuyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo,” usho uJehova Sebawoti.
Ngiyakubaqinisa kuJehova; futhi bayohamba behla benyuka egameni lakhe,” kusho uJehova.
Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu kaJosefa, ngiyibuyise ukuba ihlale; ngokuba nginomusa kubo, futhi bayoba sengathi angizange ngibalahle; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo, futhi ngiyobalalela.
Phendukelani enqabeni yasezintabeni, zibotshwa zethemba; namuhla ngiyamemezela ukuthi ngiyakukubuyisela kabili;
ozwi lakhe ngalesosikhathi lazamazamisa umhlaba, kodwa khathesi uthembisile, esithi: Ngisezakuba kanye futhi, kungeyisikho umhlaba wodwa, kodwa lezulu.
Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;
Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.
Kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani; kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu okungazange kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okunamandla okungaka, okungaka.
Futhi noMandla ka-Israyeli ngeke aqambe amanga futhi ngeke baphenduke, ngoba akayena umuntu ukuthi angaphenduka.