Kepha nina, zintaba zakwa-Israyeli, niyakuhluma amagatsha enu, nithele izithelo zenu kubantu bami u-Israyeli; ngoba sebeseduze ukuza.
UJoweli 2:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izibuya ziyogcwala ukolweni, namanoni ayochichima iwayini namafutha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izibuya ziyakugcwala amabele, nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha. IsiZulu 2020 Izibuya ziyakugcwala okusanhlamvu, izikhamo ziphuphume iwayini elisha namafutha amasha. |
Kepha nina, zintaba zakwa-Israyeli, niyakuhluma amagatsha enu, nithele izithelo zenu kubantu bami u-Israyeli; ngoba sebeseduze ukuza.
Hlalani esikeleni, ngokuba isivuno sesivuthiwe; woza, yehla; ngokuba isikhamo sigcwele, amanoni ayachichima; ngoba ububi babo bukhulu.
Kuyakuthi ngalolo suku izintaba ziconse uleme, amagquma agobhoze ubisi, nemifula yakwaJuda igobhoze amanzi, kuphume nomthombo endlini kaJehova, futhi uyonisela isigodi saseSitimi.
“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho umlimi eyakufica ovunayo nonyathela izithelo zomvini ohlwanyelayo; izintaba ziyoconsa iwayini elimnandi, namagquma onke ayakuncibilika.
Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube khona ukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu, usho uJehova Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, ngininike isibusiso, ningathululi. Ngaphandle, ukuthi ngeke kube khona indawo eyanele yokuyithola.