Kepha umfokazi ongesiye owabantu bakho u-Israyeli kepha ovela ezweni elikude ngenxa yegama lakho;
UJoshuwa 9:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Baya kuJoshuwa ekamu laseGiligali, bathi kuye nakubantu bakwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude; bese wenza isivumelwano nathi manje. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baya kuJoshuwa ekamu* laseGiligali, bathi kuye nakumadoda akwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude; ngalokho manenze manje isivumelwano nathi.” IsiZulu 2020 Zaya kuJoshuwa enkanjini eGiligali, zathi kuye nabakwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude, ngakho-ke yenzani isivumelwano nathi.” |
Kepha umfokazi ongesiye owabantu bakho u-Israyeli kepha ovela ezweni elikude ngenxa yegama lakho;
Umprofethi u-Isaya wayesefika enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni laba bantu na? futhi bevelaphi kuwe? Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude, eBabele.”
Amadoda aseGibeyoni athumela kuJoshuwa ekamu laseGiligali, ethi: “Ungasibuyiseli isandla sakho ezincekwini zakho; shesha uze kithi, usophule, usisize, ngokuba onke amakhosi ama-Amori ahlala ezintabeni asibuthelene.
Abantu basuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala bamisa inkamba eGiligali emngceleni osempumalanga yeJeriko.
Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa emathafeni aseJeriko.
nezicathulo ezigugile ezinyaweni zabo, nezingubo ezigugile; isinkwa sonke sokudla kwabo sasomile sikhuntile.
Base bethi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba sizwile umbiko wakhe nakho konke akwenzayo eGibithe,