Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoshuwa 9:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

Benza ngobuqili, bahamba, bazenza izithunywa, bathatha amasaka amadala ezimbongolweni zabo, nezingqalathi zewayini, ezindala, eziklebhukile, neziboshiwe;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nabo benza ubuqili, bahamba bazenzisa kwangathi bayizithunywa, babeka amasaka agugileyo ezimbongolweni zabo, nezimvaba zewayini ezigugileyo neziklebhukileyo, ebesezithungiwe,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

nazo zenza ubuqili. Zahamba zayozihlinzeka ngemiphako, zase zithatha amasaka agugile zawabeka phezu kwezimbongolo zazo, nezimvaba ezigugile nezidabukileyo ezase zichitshiyelwe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoshuwa 9:4
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana kaJakobe abaphendula ngamanga oShekemi noyise uHamori, ethi, ngokuba engcolisile udadewabo uDina;


Ngokuba senginjengegabha emsini; nokho angizikhohlwa izimiso zakho.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.


Kanjalo kabatheli iwayini elitsha ezimvabeni ezindala; funa izimvaba ziyaphuka, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale;


Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”


Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.


Lesi sinkwa sethu sasithatha sifudumala ezindlini zethu njengokudla ngosuku esaphuma ngalo ukuya kini; kepha manje bhekani, sesomile, siyabubula;


Futhi lezi zikhwama zewayini esazigcwalisa zazizintsha; futhi bheka, zaziklebhukile, futhi lezi zingubo zethu nezicathulo zethu zaguga ngenxa yohambo olude kakhulu.


Lapho abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile eJeriko nase-Ayi,


nezicathulo ezigugile ezinyaweni zabo, nezingubo ezigugile; isinkwa sonke sokudla kwabo sasomile sikhuntile.