Kanjalo kabatheli iwayini elitsha ezimvabeni ezindala; funa izimvaba ziyaphuka, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale;
UJoshuwa 9:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi lezi zikhwama zewayini esazigcwalisa zazizintsha; futhi bheka, zaziklebhukile, futhi lezi zingubo zethu nezicathulo zethu zaguga ngenxa yohambo olude kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE lezi zimvaba zewayini esazigcwalisa zazizintsha; bhekani, seziklebhukile; lezi zingubo zethu nezicathulo zethu sezigugile ngenxa yendlela ende kakhulu.” IsiZulu 2020 Niyabona-ke, nezimvaba zethu zewayini zazizintsha lapho sizigcwalisa, kodwa sezidabukile; izingubo nezimbadada zethu sekuvuthukela emizimbeni yethu ngenxa yobude bendlela.” |
Kanjalo kabatheli iwayini elitsha ezimvabeni ezindala; funa izimvaba ziyaphuka, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale;
Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”
Akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala; uba-ke iwayini elitsha lizaqhuma izimvaba, lichitheke, lezimvaba zonakale.
Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu azigugelanga phezu kwenu, nesicathulo sakho asiguganga ezinyaweni zakho.
Lesi sinkwa sethu sasithatha sifudumala ezindlini zethu njengokudla ngosuku esaphuma ngalo ukuya kini; kepha manje bhekani, sesomile, siyabubula;
Benza ngobuqili, bahamba, bazenza izithunywa, bathatha amasaka amadala ezimbongolweni zabo, nezingqalathi zewayini, ezindala, eziklebhukile, neziboshiwe;
nezicathulo ezigugile ezinyaweni zabo, nezingubo ezigugile; isinkwa sonke sokudla kwabo sasomile sikhuntile.