Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekela phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga komuzi.
UJoshuwa 8:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho sebemisa amadoda, yonke impi eyayisenyakatho yomuzi, nabaqambimanga bayo ngasentshonalanga komuzi, uJoshuwa wahamba ngalobo busuku phakathi nesigodi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sebehleliwe abantu, lonke ibandla elalingasenyakatho komuzi nabaqamekeleyo babo ababengasentshonalanga komuzi, uJoshuwa waya ngalobo busuku phakathi kwesigodi. IsiZulu 2020 Bawahlela amabutho, ingxenye enkulu yawo yayingasenyakatho, ingxenye eyayingemuva ingasentshonalanga yomuzi. UJoshuwa walala esigodini ngalobo busuku. |
Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekela phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga komuzi.
Inkosi yase-Ayi ikubona lokho, baqeda masinyane nangovivi; abantu bomuzi baphuma ukulwa no-Israyeli, yona nabantu bayo bonke, ngesikhathi esimisiweyo phambi kwethafa; kodwa wayengazi ukuthi ngemva komuzi kwakukhona ababemqamekele.
Lapho seniwuthathile umuzi, kumelwe niwuthungele ngomlilo; ngokomyalo kaJehova kumelwe nenze. Bhekani, nginiyalile.