UJoshuwa wayeseqeda ekuseni kakhulu, wababala abantu, wakhuphuka, yena namalunga akwa-Israyeli, phambi kwabantu waya e-Ayi.
UJoshuwa 8:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abantu, amadoda empi ayekanye naye, bakhuphuka, basondela, bafika phambi komuzi, bamisa ngasenyakatho kwase-Ayi; kwakukhona isigodi phakathi kwabo ne-Ayi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abantu bempi ayenabo bakhuphuka, basondela, baya phambi komuzi, bamisa ngasenyakatho kwase-Ayi; kwakukhona isigodi phakathi kwakhe ne-Ayi. IsiZulu 2020 Wonke amabutho ayenaye akhuphuka, asondela phambi komuzi, ayesekanisa ngasenyakatho e-Ayi, kukhona umfula obehlukanise nomuzi i-Ayi. |
UJoshuwa wayeseqeda ekuseni kakhulu, wababala abantu, wakhuphuka, yena namalunga akwa-Israyeli, phambi kwabantu waya e-Ayi.
Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekela phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga komuzi.