Umphefumulo wevila uyafisa, kepha awunalutho, kepha umphefumulo wabakhutheleyo uyakhuluphala.
UJoshuwa 7:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Mabangakhuphuki bonke abantu; kodwa makukhuphuke amadoda angaba yizinkulungwane ezimbili noma ezintathu, alichithe i-Ayi; mabangasebenzi khona bonke abantu; ngoba bayingcosana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Mabangakhuphuki bonke abantu; makuhambe amadoda kungathi izinkulungwane ezimbili noma ezintathu, alichithe i-Ayi; ungabakhathazi bonke abantu ngokuya khona, ngokuba bayingcosana nje.” IsiZulu 2020 Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Akudingekile ukuba kungakhuphuka yonke impi; akuhambe amadoda ayizi-2 000 noma ayizi-3 000 awuhlasele umuzi i-Ayi. Ngokuba ingumuzi omncane, makungakhuphuki wonke umuntu, kodwa abayingcosana.” |
Umphefumulo wevila uyafisa, kepha awunalutho, kepha umphefumulo wabakhutheleyo uyakhuluphala.
Phikelelani ukungena ngesango elincane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, kodwa bahluleke.
Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungakholwa.
UJoshuwa wayesethuma amadoda asuka eJeriko aya e-Ayi eseduze neBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Akhuphuka amadoda, abheka i-Ayi.
Kwase kukhuphukela khona abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu, babaleka phambi kwamadoda ase-Ayi.
Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu;
Ngakho-ke yenzani inkuthalo yonke, nezeleni ubuhle ekukholweni kwenu; nasebuhleni ukwazi;