Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe, itshe elivivinyiwe, itshe legumbi elinqabileyo, isisekelo esiqinile; okholwayo akayikuxhamazela.
UJoshuwa 6:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka, ningakhamuki ngezwi lenu, kungaphumi lizwi emlonyeni wenu, kuze kufike usuku enginiyala ngalo ukuba nimemeze; khona-ke kufanele umemeze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.” IsiZulu 2020 UJoshuwa wabayala abantu, wathi: “Aniyukukhuza saga, aniyukumemeza, futhi aniyukusho lutho kuze kube lusuku engiyonitshela ngalo ukuba nikhuze isaga. Lapho-ke niyakumemeza nikhamuluke.” |
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe, itshe elivivinyiwe, itshe legumbi elinqabileyo, isisekelo esiqinile; okholwayo akayikuxhamazela.
Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kepha hlalani emzini waseJerusalema, nize nembathiswe amandla avela phezulu.
Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.
Umphongolo kaJehova wawuzungeza umuzi, waya khona kanye, bangena ekamu, balala ekamu.
Abahlomileyo baphuma phambi kwabapristi ababetha amacilongo, umvuzo walandela umphongolo, abapristi bahamba bevuthela izimpondo.