Aniyikudla isinkwa, nokolweni okugazingiwe, noma amabele aluhlaza, kuze kufike lolo suku eninikela ngalo ngomnikelo kuNkulunkulu wakho; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala.
UJoshuwa 5:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Badla ngosuku olulandelayo emva kwephasika ukolweni wezwe, amaqebelengwane angenamvubelo nokolweni okuthosiwe ngalolo suku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika, amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku. IsiZulu 2020 Ngosuku olulandela umkhosi wePhasika, nangalo lolo lusuku, badla umkhiqizo weKhanani, isinkwa esingenamvubelo nokusanhlamvu okugazingiwe. |
Aniyikudla isinkwa, nokolweni okugazingiwe, noma amabele aluhlaza, kuze kufike lolo suku eninikela ngalo ngomnikelo kuNkulunkulu wakho; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala.
Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kungumkhosi wesinkwa esingenamvubelo wenkazimulo kaJehova; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo.
Khona-ke kumelwe, uma nidla isinkwa sezwe, ninikele ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova.
Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa emathafeni aseJeriko.
Imana lanqamuka ngangomuso sebedlile ukolweni wezwe; abantwana bakwa-Israyeli ababa naso imana; kepha badla ezithelweni zezwe laseKhanani ngalowo mnyaka.