Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoshuwa 5:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

Badla ngosuku olulandelayo emva kwephasika ukolweni wezwe, amaqebelengwane angenamvubelo nokolweni okuthosiwe ngalolo suku.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika, amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngosuku olulandela umkhosi wePhasika, nangalo lolo lusuku, badla umkhiqizo weKhanani, isinkwa esingenamvubelo nokusanhlamvu okugazingiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoshuwa 5:11
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Aniyikudla isinkwa, nokolweni okugazingiwe, noma amabele aluhlaza, kuze kufike lolo suku eninikela ngalo ngomnikelo kuNkulunkulu wakho; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala.


Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kungumkhosi wesinkwa esingenamvubelo wenkazimulo kaJehova; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo.


Khona-ke kumelwe, uma nidla isinkwa sezwe, ninikele ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova.


Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa emathafeni aseJeriko.


Imana lanqamuka ngangomuso sebedlile ukolweni wezwe; abantwana bakwa-Israyeli ababa naso imana; kepha badla ezithelweni zezwe laseKhanani ngalowo mnyaka.