Abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle, amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo.
UJoshuwa 4:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe nitshele abantwana benu nithi: ‘U-Israyeli wawela leli Jordani emhlabathini owomile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE anobazisa abantwana benu, nithi: ‘U-Israyeli wawela leli Jordani emhlabathini owomileyo,’ IsiZulu 2020 anobaphendula nibatshele ukuthi: ‘U-Israyeli wawela iJordani ehamba emhlabathini owomileyo, |
Abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle, amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo.
Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo sabo.
Ngokuba ihhashi likaFaro langena elwandle nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe, uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo; kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle.
Akusuwe yini owomisa ulwandle, amanzi otwa olukhulu; ukuthi ukujula kolwandle kwenza abahlengwayo badabule indlela?
Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.
Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo phakathi neJordani, bonke abakwa-Israyeli badabula emhlabathini owomileyo, kwaze kwaba yilapho isizwe sonke siwela iJordani sihlambulukile.
Wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nxa abantwana benu beyakubuza oyise esikhathini esizayo, bethi: Ayini lawa matshe na?
Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; amanzi awo atsha, ukuze ilungiswe indlela yamakhosi asempumalanga.