Wonke u-Israyeli wezwa isahlulelo inkosi; besaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu bekukuyo ukwenza ukwahlulela.
UJoshuwa 4:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalolo suku uJehova wamenza waba mkhulu uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe. IsiZulu 2020 Ngalolo lusuku uSimakade wamphakamisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abantu bakwa-Israyeli; bamesaba njengoba babesaba uMose izinsuku zonke zokuphila kwakhe. |
Wonke u-Israyeli wezwa isahlulelo inkosi; besaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu bekukuyo ukwenza ukwahlulela.
Kwathi amadodana abaprofethi ababezakumbona eJeriko embona athi: Umoya kaElija uhlezi phezu kukaElisha. Bamhlangabeza, bakhothama emhlabathini phambi kwakhe.
UJehova wamenza uSolomoni waba mkhulu kakhulu emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, wamnika isithunzi sobukhosi esingazange sibe khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli ngaphambi kwakhe.
Futhi kwaJuda kwakukhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyo eyodwa ukwenza umyalo wenkosi nezikhulu ngezwi likaJehova.
INkosi yasibanika abantu umusa emehlweni amaGibhithe. Lowo muntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu.
U-Israyeli wawubona umsebenzi omkhulu uJehova awenza kwabaseGibhithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.
Ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu kuwe kube kuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba ayiphatheli ize inkemba, ngokuba iyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokubuyisela ulaka kowenza okubi.
INkosi yasisithi kuJoshuwa: Lamuhla ngizaqala ukukukhulisa phambi kwamehlo kaIsrayeli wonke, ukuze bazi ukuthi njengalokho nganginaye uMozisi, ngokunjalo ngizakuba lawe.
Kwadabula phambi kukaJehova kungathi izinkulungwane ezingamashumi amane ezihlomele ukulwa emathafeni aseJeriko.
USamuweli wayesembiza uJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli.