UJoshuwa 24:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wayesethi kubo bonke abantu: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ezinsukwini zasendulo oyihlo babehlala ngaphesheya koMfula, uThera, uyise ka-Abrahama, noyise kaNahori; bakhonza abanye onkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wathi kubantu bonke: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Oyihlo bahlala endulo ngaphesheya koMfula,* uThera uyise ka-Abrahama noyise kaNahori, bakhonza abanye onkulunkulu. IsiZulu 2020 UJoshuwa wathi kubo bonke abantu: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Emandulo okhokho benu, uThera namadodana akhe u-Abhrahama noNahori, babehlala ngaphesheya komfula, bekhonza abanye onkulunkulu. |
UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, wazala uThera.
UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala u-Abrama, noNahori, noHarana.
Lezi ziyizizukulwane zikaTera: uTera wazala u-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
Manje, noma wawufuna ukuhamba, ngokuba wawulangazelela indlu kayihlo, webeleni onkulunkulu bami na?
Lowo othola kuye onkulunkulu bakho, ungamvumeli aphile. Ngoba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile.
UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu kayise wabo, makahlulele phakathi kwethu. UJakobe wafunga ngokwesaba kukayise u-Isaka.
Bamnika uJakobe zonke izithixo zabezizwe ezazisesandleni sabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwesihlahla somtholo esasiseShekemi.
Bheka uyihlo u-Abrahama noSara owakuzalayo, ngokuba ngambiza eyedwa, ngambusisa, ngamandisela.
uthi: Isho kanje iNkosi uJehova kulo iJerusalema; Ukuzalwa kwakho nozalo lwakho kuvela ezweni laseKhanani; uyihlo wayengumAmori, unyoko engumHeti.
owayeyindodana kaJakobe, indodana ka-Isaka, indodana ka-Abrahama, indodana kaThara, indodana kaNahori,
Uzakhuluma uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu owayezabhubha, wehlela eGibhithe, wahlala khona njengowezizwe labayingcosana; njalo lapho induna enkulu yaba ngumuntu olamandla njalo elabantu abanengi isizwe.
Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, zikhetheleni namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza; noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo ababephesheya komfula, nonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.