Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa; nginguJehova.
UJoshuwa 24:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nganinika izwe eningalisebenzelanga, nemizi eningayakhanga, nahlala kuyo; izivini neminqumo eningayitshalanga niyadla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nganinika izwe eningakhandlekanga kulo, nemizi eningayakhanga nihlala nokho kuyo; niyadla ezivinini naseminqumeni eningakutshalanga.’ IsiZulu 2020 Nganinika izwe eningalikhandlekelanga nemizi eningayakhanga, nihlala kuyo; nidla izithelo zemivini nezeminqumo eningakutshalanga.’ |
Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa; nginguJehova.
Umuntu omuhle ushiyela abantwana bakhe ifa, ingcebo yesoni ibekelwe olungileyo.
“Uma uJehova uNkulunkulu wakho echitha izizwe ezizweni lazo uJehova uNkulunkulu wakho akunika zona, nizilandele, nihlale emizini yazo nasezindlini zazo;
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukungenisa ezweni elihle, izwe lemifudlana yamanzi, nemithombo, nezitwa eziphuma ezigodini nasemagqumeni;
Kepha imizi eyayisele ezinqabeni zayo u-Israyeli akayishisanga namunye kuyo, kuphela iHasori lodwa; wamshisa uJoshuwa.
Kakusweli lutho oluhle uJehova alukhulumile endlini kaIsrayeli; konke kwenzeka.