Wenza izinengiso eziningi ngokulandela izithombe, njengalokho enza ama-Amori uJehova awaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
UJoshuwa 23:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uJehova waxosha izizwe ezinkulu nezinamandla phambi kwenu, kepha nina akukho muntu okwazile ukuma phambi kwenu kuze kube namuhla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngokuba uJehova uxoshile ngaphambi kwenu izizwe ezinkulu ezinamandla, kepha nina, akukho muntu omile phambi kwenu kuze kube namuhla. IsiZulu 2020 Ngokuba uSimakade uzixoshile phambi kwenu izizwe ezinkulu nezinamandla; nina-ke akukho muntu okwazile ukumelana nani kuze kube namuhla. |
Wenza izinengiso eziningi ngokulandela izithombe, njengalokho enza ama-Amori uJehova awaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Awusiye uNkulunkulu wethu yini owaxosha abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, walinika inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade na?
Ngokuba ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho, ikuyise kuma-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi; futhi ngizobabhubhisa.
Okhokho bethu abayilandela bayingenisa kanye loJesu empahleni yabezizwe, uNkulunkulu abaxotshayo phambi kobuso babokhokho bethu, kwaze kwaba semihleni kaDavida;
UJehova uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nidle ifa lezizwe ezinkulu nezinamandla kunani.
Uyakuwanikela amakhosi azo esandleni sakho, wena uchithe igama lawo phansi kwezulu; kakho ozakuma phambi kwakho uze ubabhubhise.
Akuyikuma muntu phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukushiya, angiyikukushiya.
UKalebi wawaxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSeshayi, no-Ahimani, noTalimayi, amadodana ka-Anaki.
UJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, azixoshe phambi kobuso bakho; nidle izwe lazo, njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu enithembisile.
Kepha bambelelani kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.
UJehova wabaxosha bonke abantu phambi kwethu, ama-Amori ayehlala ezweni; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova; ngoba unguNkulunkulu wethu.