Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoshuwa 22:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase babuya basuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo elisezweni laseKhanani ukuya ezweni lakwaGileyadi ezweni eliyifa labo adliwa njengefa njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya, bamuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoshuwa 22:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wamenza inkosi kwaGileyadi, naseAsiriya, naseJizreyeli, nakuEfrayimi, nakuBenjamini, nakuIsrayeli wonke.


Ngasempumalanga wayehlala kuze kufike ehlane kusukela emfuleni u-Ewufrathe, ngoba izinkomo zabo zaziziningi ezweni lakwaGileyadi.


Ngowami iGileyadi, ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami;


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenezinkomo eziningi kakhulu; lapho bebona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi, indawo leyo yayiyindawo yezinkomo;


UMose wathi kubo: “Uma nithanda ukwenza lokho, uma niphuma nihlomile phambi kukaJehova ukulwa impi,


Izwe liyakunqotshwa phambi kobuso bukaJehova; leli zwe liyakuba yifa lenu phambi kukaJehova.


Abantwana bethu, labesifazana bethu, lemihlambi yethu lemfuyo yethu yonke kuzakuba lapho emadolobheni akoGileyadi.


UMozisi wasesithi kubo: Uba abantwana bakoGadi labantwana bakoRubeni bechapha iJordani lani, bonke abahlomela ukulwa bazanqotshwa phambi kwe Nkosi lelizwe phambi kwenu; khona-ke kumelwe nibanike izwe lakwaGileyadi njengefa.


Nganiyala ngaleso sikhathi, ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle;


uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, baze balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanike lona phesheya kweJordani; khona-ke kumelwe nibuyele yilowo nalowo efeni lakhe engininike lona.


UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esibhekene neJeriko. UJehova wambonisa lonke izwe lakwaGileyadi kwaDani;


nelakwaGileyadi, nomkhawulo wamaGeshuri, namaMahagati, nayo yonke intaba yaseHermoni, neBashani yonke, kwaze kwaba seSaleka;


Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri ephambi kweRaba;


Inxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani, yayingelabantwana bakwaMagiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMagiri ngemindeni yabo.


Sebefike emikhawulweni yaseJordani esezweni laseKhanani, abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, i-altare elikhulu ukuba libukeke.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


UGileyadi wahlala phesheya kweJordani, uDani wahlala ngani emikhunjini? U-Asheri wahlala ogwini lolwandle, wahlala emifantwini yakhe.