UMose wawubheka wonke umsebenzi, bheka, bawenza njengokuyala kukaJehova, bawenza; uMose wababusisa.
UJoshuwa 22:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ingxenye yesizwe sakwaManase uMose wayinika izwe eBashani, kepha enye ingxenye yalo uJoshuwa wayinika phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Futhi lapho uJoshuwa wabamukisa ematendeni abo, wababusisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani, kepha inxenye uJoshuwa wayinika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi: IsiZulu 2020 Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, uMose wayeyabele isabelo sayo eBhashani, kodwa enye ingxenye uJoshuwa wayabela phakathi kwabafowabo izwe elisentshonalanga, phesheya kweJordani. Ngesikhathi ebabuyisela emathendeni abo, wababusisa, |
UMose wawubheka wonke umsebenzi, bheka, bawenza njengokuyala kukaJehova, bawenza; uMose wababusisa.
UMose wabanika abantwana bakwaGadi, nabantwana bakwaRubeni, nenxenye yesizwe sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni, inkosi yama-Amori, nombuso ka-Ogi, inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo emikhawulweni, imizi yezwe nxazonke.