UJoshuwa 22:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase baphendula, bathi ezinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase baphendula, bakhuluma kuzo izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli, bathi: IsiZulu 2020 Abozalo lukaRubeni, nabolukaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase baziphendulela kanje kuzo izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli, bathi: |
Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela;
U-Akani, indodana kaSeraki, akenzanga yini isiphambeko sabaxhwalekileyo, futhi ulaka lwehlela lonke ibandla lika-Israyeli na? futhi lowo muntu akabhubhanga ngobubi bakhe yedwa.
UJehova, uNkulunkulu wawonkulunkulu, uJehova, uNkulunkulu wawonkulunkulu, nguyena owaziyo, nowamazi u-Israyeli; uma kungukuhlubuka noma ukweqa uJehova (ungasikhululi namuhla).
Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;