UJoshuwa 21:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi leyo mizi namadlelo ayo ngenkatho, njengalokho uJehova eyalile ngesandla sikaMose. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi ngenkatho leyo mizi kanye namadlelo ayo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose. IsiZulu 2020 Abakwa-Israyeli bababela abaLevi ngonkatho leyo mizi namadlelo ayo; njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. |
Intukuthelo yabo mayiqalekiswe, ngokuba ilukhuni; nolaka lwabo, ngokuba lunonya; ngiyakubahlukanisa kwaJakobe, ngibahlakaze kwa-Israyeli.
Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bafika bakhuluma kuMose naku-Eleyazare umpristi nakubaholi benhlangano bathi:
Kumelwe nihlukanise izwe ngenkatho phakathi kwezizukulwane zenu; futhi eniyomnika okuningi, ifa elikhulu, futhi omncane, ifa elincane; ifa lawo wonke umuntu kumelwe libe sendaweni lapho isabelo sakhe siwela khona; niyakudla ifa ngokwezizwe zoyihlo.
Bayakuba nemizi yokuhlala kuyo; amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nempahla yawo, nemfuyo yawo yonke.
Kumelwe nibhale izwe libe izingxenye eziyisikhombisa, nilethe lapha kimi incazelo, ukuze nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu.
Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi efeni lawo njengesiyalezo sikaJehova le mizi namadlelo ayo.
Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babenemizi eyishumi nambili esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni.
Esizweni sabantwana bakwaJuda nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni babanika le mizi ebizwa ngegama lapha,