UJoshuwa 21:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwaGereshoni babelwa imizi eyishumi nantathu emindenini yesizwe sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasenxenyeni yesizwe sakwaManase eBashani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwaGereshoni babelwa emindenini yesizwe sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu. IsiZulu 2020 Abozalo lukaGerishoni bathola imizi eli-13 emindenini yesizwana sakwa-Isakhare, esakwa-Asheri, esakwaNafethali nasengxenyeni yesizwana sakwaManase, eBhashani. |
Oonyana bakaGereshomu ngemindeni yabo banikwa imizi eyishumi nantathu esizweni sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasesizweni sakwaManase eBashani.
Abanye abantwana bakwaKohati baba nemizi eyishumi emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi nasesizweni sakwaDani nasenxenyeni yesizwe sakwaManase.
Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babenemizi eyishumi nambili esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni.