Intukuthelo yabo mayiqalekiswe, ngokuba ilukhuni; nolaka lwabo, ngokuba lunonya; ngiyakubahlukanisa kwaJakobe, ngibahlakaze kwa-Israyeli.
UJoshuwa 21:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi efeni lawo njengesiyalezo sikaJehova le mizi namadlelo ayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli base bewanika amaLevi efeni labo njengesiyalezo sikaJehova le mizi kanye namadlelo ayo. IsiZulu 2020 Ngakho-ke ngokomyalo kaSimakade abakwa-Israyeli banika abaLevi le mizi elandelayo namadlelo ayo, kwaba yifa labo. |
Intukuthelo yabo mayiqalekiswe, ngokuba ilukhuni; nolaka lwabo, ngokuba lunonya; ngiyakubahlukanisa kwaJakobe, ngibahlakaze kwa-Israyeli.
Yonke imizi eniyakunika amaLevi iyakuba yimizi engamashumi amane nesishiyagalombili; kufanele uwunike kanye nedlelo lawo.
Bakhuluma kubo eShilo ezweni laseKhanani, bathi: “UJehova wayala ngesandla sikaMose ukuba sinikezwe imizi yokuhlala, namadlelo ayo ezinkomo zethu.”
Inkatho yaphuma ezizukulwaneni zamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi, ababengamaLevi, ngeqashiso imizi eyishumi nantathu esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini.
Yonke imizi yamaLevi efeni labantwana bakwa-Israyeli yayiyimizi engamashumi amane nesishiyagalombili namadlelo ayo.