USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.
UJoshuwa 21:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Babanika umuzi ka-Arba, uyise ka-Enaki, eyiHebroni ezintabeni zakwaJuda, namadlelo ayo nxazonke zayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo. IsiZulu 2020 Bawanika iKiriyathi Arbha okuyiHebhroni, umuzi kayise ka-Anaki, ezintabeni kwaJuda namadlelo awo nxazonke zawo. |
USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.
UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre, emzini ka-Arba, okuyiHebroni, lapho u-Abrahama no-Isaka begogobele khona.
Kwathi emva kweminyaka engamashumi amane u-Abisalomu wathi enkosini: “Mangihambe ngigcwalise isithembiso sami engasenza kuJehova eHebroni.”
Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.
neHumta, neKiriyatarba eliyiHebroni, neSiyori; imizi eyisishiyagalolunye nemizana yayo.
abantwana bakwa-Aroni ababenayo emindenini yamaKohati ababevela kubantwana bakwaLevi, ngokuba yaba yinkatho yabo yokuqala.
Kodwa insimu yomuzi nemizana yawo bakunika uKalebi indodana kaJefune kube yifa lakhe.
UJuda wasesuka wahlasela amaKhanani ayakhe eHebroni; igama leHebroni kuqala laliyiKiriyati Araba; babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.
nakulabo ababeseHebroni, nakuzo zonke izindawo lapho uDavide ngokwakhe nabantu bakhe babevame ukuhamba khona.