Imindeni kaKiriyati Jeharimi; amaItiri, namaPugi, namaSumati, namaMisrai; kubo kwaphuma abaseZareya nama-Estawuli.
UJoshuwa 19:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhawulo wefa labo wawuyiZora, ne-Eshitawoli, ne-Irsememi; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umkhawulo wefa labo wawuyiSora, ne-Eshitawoli, ne-Iri Shemeshi, IsiZulu 2020 Indawo eyayiyifa laso kwakuyiZora, i-Eshithawoli, i-Iri Shemeshi, |
Imindeni kaKiriyati Jeharimi; amaItiri, namaPugi, namaSumati, namaMisrai; kubo kwaphuma abaseZareya nama-Estawuli.
Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali.
UMoya kaJehova waqala ukumnyakazisa ekamu lakwaDani phakathi kweSoreya ne-Eshitawoli.
Base behla abafowabo nendlu yonke kayise, bamthatha, bamenyusa, bammbela phakathi kweSoreya ne-Eshitawoli ethuneni likayise uManowa. Wabusa u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.
Abantwana bakwaDani bathuma emindenini yabo amadoda ayisihlanu, amadoda anamandla, evela eSora nase-Eshitawoli, ukuba ahlole izwe, alihlole; bathi kubo: “Hambani nihlole izwe.”