UJoshuwa 19:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 waphenduka eSaridi ngasempumalanga, ngasekuphumeni kwelanga, waya emngceleni weKisilothabori, waphuma waya eDaberati, wenyukela eJafiya; IBHAYIBHELI ELINGCWELE wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga, kuze kube semkhawulweni waseKisiloti Thabori, waphuma waya eDaberati, wenyukela eJafiya; IsiZulu 2020 ujike eSaridi, ubheke ngasempumalanga lapho kuphuma khona ilanga, uze uyofika emngceleni eKhisilothi Thabhori, usuke lapho ubheke eDabherathi, bese wenyukela eJafiya; |
Nguwena owadala inyakatho neningizimu: iThabori neHermoni ayakujabula egameni lakho.
Umkhawulo wabo wenyukela elwandle naseMarala, wenyuka waya eDabaseti nasemfuleni ongaphambi kweJokineyamu;
Wasuka lapho, waya ngasempumalanga eGitha Heferi, waze wafika e-Ittakasin, waphuma waya eRimoni-methowari eNeyagi;
Umkhawulo usuka eThabori, naseSahasima, naseBeti Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwaseJordani: imizi eyishumi nesithupha nemizana yayo.
Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki, indodana ka-Abinohama, ukhuphukele entabeni yaseThabori.
Wathumela wabiza uBharaki indodana ka-Abinohama eKedeshinafetali, wathi kuye: “Akashongo yini uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuthi: ‘Hamba uye entabeni yaseThabori, uthathe amadoda ayizinkulungwane eziyishumi kubantwana bakwaNafetali, uhambe nawe, abanye babantwana bakwaZebuloni na?