Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;
UJoshuwa 19:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkatho yesithathu yaphumela abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo, umkhawulo wefa labo wawufinyelela eSaridi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi; IsiZulu 2020 Unkatho lwesithathu lwadla abozalo lukaZebuloni ngokwemindeni yabo. Umngcele wesabelo sabo wawufinyelela eSaridi; |
Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;
UZebuloni uyakuhlala ngasechwebeni lolwandle; futhi uyakuba yichweba lemikhumbi; futhi umkhawulo wakhe uyofinyelela eSidoni.
Ngasemdeni ke kaIsakare, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uZebuloni, libe linye.
Kwavela inkatho yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngezizukulwane zabo; umkhawulo wenkatho yabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.
Kumelwe nibhale izwe libe izingxenye eziyisikhombisa, nilethe lapha kimi incazelo, ukuze nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu.
Umkhawulo wabo wenyukela elwandle naseMarala, wenyuka waya eDabaseti nasemfuleni ongaphambi kweJokineyamu;
Ifa labantwana bakwaSimeyoni lalivela efeni labantwana bakwaJuda; ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kakhulu kubo; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni bathola ifa labo efeni labo.