Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;
UJoshuwa 19:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkatho yesibili yadla uSimeyoni, isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngezizukulwane zabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkatho yesibili yadla uSimeyoni, isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda. IsiZulu 2020 Unkatho lwesibili lwadla uSimeyoni. Isizwana sabozalo lukaSimeyoni ngemindeni yaso ifa laso laliphakathi kwefa labozalo lukaJuda. |
Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;
Eceleni komkhawulo wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uSimeyoni uyakuba nesabelo.
Imizi ekude yesizwe sabantwana bakwaJuda ngasogwini oluseningizimu yakwa-Edomi yayiyiKabiseyeli, ne-Edere, neJaguri,
neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati; imizi eyishumi nane nemizana yayo. Leli laliyifa labantwana bakwaBhenjamini ngezizukulwane zabo.
Ifa labantwana bakwaSimeyoni lalivela efeni labantwana bakwaJuda; ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kakhulu kubo; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni bathola ifa labo efeni labo.
esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili,