UJoshuwa 18:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe nibhale izwe libe izingxenye eziyisikhombisa, nilethe lapha kimi incazelo, ukuze nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Anoloba izwe kube yizabelo eziyisikhombisa, nikulethe lapha kimi, nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu. IsiZulu 2020 Anoloba nilichaze izwe nilehlukanise kasikhombisa, bese niletha incazelo kimi, nginenzele unkatho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu. |
Kumelwe nihlukanise izwe ngenkatho phakathi kwezizukulwane zenu; futhi eniyomnika okuningi, ifa elikhulu, futhi omncane, ifa elincane; ifa lawo wonke umuntu kumelwe libe sendaweni lapho isabelo sakhe siwela khona; niyakudla ifa ngokwezizwe zoyihlo.
UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nali izwe eniyakulidla ngenkatho uJehova ayala ukuba nilinike izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye yesizwe.
Esechithile izizwe eziyisikhombisa elizweni leKhanani, wababela ilizwe labo ngenkatho.
Ifa labo laba ngenkatho, njengalokho uJehova eyalile ngesandla sikaMose ezizweni eziyisishiyagalolunye nasenxenyeni yesizwe.
UJoshuwa wabenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova, uJoshuwa wababela khona izwe abantwana bakwa-Israyeli ngokwezabelo zabo.
Kodwa amaLevi kawanasabelo phakathi kwenu; ngokuba ubupristi bukaJehova buyifa labo; uGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase base bemukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, uMose inceku kaJehova abanika lona.
Amadoda asuka ahamba; uJoshuwa wabayala ababeyobhala izwe, wathi: “Dabulani izwe, nililobe, nibuyele kimi, ukuze nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova eShilo.