UJoshuwa 18:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwavela inkatho yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngezizukulwane zabo; umkhawulo wenkatho yabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkatho yadla isizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo; umkhawulo wesabelo sabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa. IsiZulu 2020 Benza unkatho ngesizwana sabozalo lukaBhenjamini nemindeni yaso; banikezwa indawo eyayiphakathi kwabozalo lukaJuda nabolukaJosefa. |
wamenza inkosi kwaGileyadi, naseAsiriya, naseJizreyeli, nakuEfrayimi, nakuBenjamini, nakuIsrayeli wonke.
Ngokuqondene nazo zonke ezinye izizwe, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube sohlangothini olusentshonalanga, uBhenjamini kumelwe abe nesabelo.
Uma uzwa komunye wemizi yakini esho lokho uJehova uNkulunkulu wakho akunike khona ukuba uhlale khona, ngokuthi:
UJoshuwa wabenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova, uJoshuwa wababela khona izwe abantwana bakwa-Israyeli ngokwezabelo zabo.
Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho wawusuka eJordani; umkhawulo wenyuka ohlangothini lweJeriko ngasenyakatho, wenyuka ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakusehlane laseBeti Aveni.