Kwasekufika amadodakazi kaSelofehadi indodana kaHeferi indodana kaGileyadi indodana kaMagiri indodana kaManase emindenini kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe; uMagila, uNowa noHogila noMilka noTirisa.
UJoshuwa 17:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Ngakho wabapha ifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokomyalo kaJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu.” Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova. IsiZulu 2020 Eza phambi komphristi u-Eleyazare noJoshuwa indodana kaNuni, nabaholi bakwa-Israyeli, athi: “USimakade wayala uMose ukuba asinike isabelo sethu kanye nesabafowethu.” Ngakho-ke ngokomyalo kaSimakade wawanika isabelo sawo phakathi kwabafowabo ababezalwa ndoda yinye. |
Kwasekufika amadodakazi kaSelofehadi indodana kaHeferi indodana kaGileyadi indodana kaMagiri indodana kaManase emindenini kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe; uMagila, uNowa noHogila noMilka noTirisa.
Kungani igama likababa kumelwe liqedwe phakathi komndeni wakhe, ngoba engenandodana? Bese usinika ifa phakathi kwabafowabo bakababa.
Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
Lawa angamafa abantwana bakwa-Israyeli abawadla njengefa ezweni laseKhanani, umpristi u-Eleyazare, noJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ababanika wona njengefa.
Izabelo eziyishumi zawela kuManase ngasezweni lakwaGileyadi neBashani elingaphesheya kweJordani;
Izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi zasondela ku-Eleyazare umpristi, noJoshuwa, indodana kaNuni, nasezinhloko zezindlu zawoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli;