UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMagiri, indodana kaManase, bakhuliselwa emadolweni kaJosefa.
UJoshuwa 17:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uSelofehadi, indodana kaHeferi, indodana kaGileyadi, indodana kaMagiri, indodana kaManase, wayengenamadodana, kodwa amadodakazi; lawa angamagama amadodakazi akhe: uMagila, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; lawa angamagama amadodakazi: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. IsiZulu 2020 Kepha uZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri kaManase wayengenamadodana, kungamadodakazi odwa. Nanka amagama amadodakazi akhe: uMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThirisa. |
UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMagiri, indodana kaManase, bakhuliselwa emadolweni kaJosefa.
USelofadi indodana kaHeferi wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi kwakunguMagila, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.
Kwasekufika amadodakazi kaSelofehadi indodana kaHeferi indodana kaGileyadi indodana kaMagiri indodana kaManase emindenini kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe; uMagila, uNowa noHogila noMilka noTirisa.
Kwakukhona nabanye abantwana bakwaManase abaningi ngemindeni yabo; kubantwana bakwa-Abiyezeri, nakubantwana bakwaHeleki, nakubantwana bakwa-Asiriyeli, nakubantwana bakwaShekemi, nakubantwana bakwaHeferi, nakubantwana bakwaSemida; labo babe ngamadodana kaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo.