Imfuyo yabo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele namadlelo ayo, neNaharani nentshonalanga yeGezeri namazanyana ayo; neShekemi namadlelo alo, kwaze kwaba seGaza namadlelo alo;
UJoshuwa 16:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wehla usuka eJanoha waya e-Atharoti naseNaharati, wafika eJeriko, waphuma eJordani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wehla eJanowa, waya e-Atharoti naseNahara, wafika eJeriko, waphumela eJordani. IsiZulu 2020 bese wehla usuka eJanowa uye e-Atharothi naseNahara, ugudle iJerikho ugcine ngeJordani. |
Imfuyo yabo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele namadlelo ayo, neNaharani nentshonalanga yeGezeri namazanyana ayo; neShekemi namadlelo alo, kwaze kwaba seGaza namadlelo alo;
Basuka ezintabeni zase-Abarimi, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
Umucu uphuma elwandle kuze kufike eMigimetha ngasenyakatho; umkhawulo waphumela ngasempumalanga eTaanat-silo, wahamba ngawo ngasempumalanga, waya eJanoha;
Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.
IJeriko lalivaliwe ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; akuphumi muntu kungangeni muntu.
UJoshuwa wabaqalekisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo salo ngezibulo lakhe, futhi indodana yakhe encane iyomisa amasango alo.