Eyesibili wayiqamba igama lokuthi u-Efrayimi, ngokuba uNkulunkulu wangenza ngazala ezweni losizi lwami.
UJoshuwa 16:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, balidla ifa labo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, base belidla ifa labo. IsiZulu 2020 Abozalo lukaJosefa, nabolukaManase no-Efrayimi, basithola isabelo sabo. |
Eyesibili wayiqamba igama lokuthi u-Efrayimi, ngokuba uNkulunkulu wangenza ngazala ezweni losizi lwami.
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nanku umkhawulo eniyakudla ngawo izwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli: uJosefa uyakuba nezabelo ezimbili.
Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, uManase no-Efrayimi; ngalokho amaLevi akawanikanga isabelo ezweni, kuphela imizi yokuhlala, namadlelo ayo ezinkomo zawo, nempahla yawo.
Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atarota-adari kuze kufike eBeti Horoni phezulu;
Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa, bathi: “Ninginikeni inkatho eyodwa kuphela nesabelo esisodwa sefa, lokhu ngingabantu abaningi, lokhu uJehova ungibusisile kuze kube manje na?
Kumelwe balihlukanise libe izingxenye eziyisikhombisa: UJuda uyosala endaweni yabo eningizimu, futhi indlu kaJosefa iyohlala endaweni yayo enyakatho.