Kwathi emva kwaleyo mpi kwavuka amaFilisti eGezeri; ngaleso sikhathi uSibegayi umHusati wabulala uSiphayi owayengowabantwana bamaRefa, banqotshwa.
UJoshuwa 16:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 wehlela ngasentshonalanga esifundeni esisogwini lwaseJafeleti, kuze kube sesogwini lwaseBeti Horoni elingaphansi naseGezeri; futhi ukuphuma kwawo kungasolwandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE sehlela ngasentshonalanga emkhawulweni wamaJafeleti kuze kube semkhawulweni weBeti Horoni laseNzansi naseGezeri; ukuphuma kwaso kwakuselwandle. IsiZulu 2020 siqhubekele ezansi ngasentshonalanga esifundeni samaJafelethi, size siyofika endaweni esezansi eBhethi Horoni bese siya eGezeri; size sigcine olwandle. |
Kwathi emva kwaleyo mpi kwavuka amaFilisti eGezeri; ngaleso sikhathi uSibegayi umHusati wabulala uSiphayi owayengowabantwana bamaRefa, banqotshwa.
Indodakazi yakhe kwakunguSera, owakha iBheti Horoni Ezansi nelaseNhla ne-Usesera.
Imfuyo yabo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele namadlelo ayo, neNaharani nentshonalanga yeGezeri namazanyana ayo; neShekemi namadlelo alo, kwaze kwaba seGaza namadlelo alo;
Wakha neBeti Horoni laseNhla neBeti Horoni lasezansi, imizi ebiyelweyo enezindonga, namasango, nemigoqo;
Umkhawulo wenu osentshonalanga uyakuba ngumkhawulo wenu woLwandle Olukhulu; lowo uyakuba ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.
Khona uHoramu inkosi yaseGezeri wenyuka ukusiza iLakishi; uJoshuwa wamnqoba yena nabantu bakhe, waze wangabe esasala muntu.
Umkhawulo wasuka lapho, waya eLusu, eceleni kweLushi eliyiBethele ngaseningizimu; umkhawulo wehlela e-Atharoti Dara ngasegqumeni elingaseningizimu kweBeti Horoni Lasezansi.
Esinye isixuku saphambukela endleleni yaseBeti Horoni, esinye isixuku saphambukela endleleni yasemngceleni obheke esigodini saseSeboyimi ehlane.