UDavide wazilungiselela, wahamba nabo bonke abantu ababe naye besuka eBali lakwaJuda ukuyokhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu ogama lakhe liyigama likaJehova Sebawoti, ohlala phakathi kwamakherubi letha.
UJoshuwa 15:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo waphuma waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi; IsiZulu 2020 bese uqhubeka usuka esiqongweni sentaba uya emthonjeni wamanzi eNefithowa, usuke lapho uze uyofika emizini esentabeni i-Efroni, umngcele usuke ujike uye eBhahala eKiriyathi Jeharimi, |
UDavide wazilungiselela, wahamba nabo bonke abantu ababe naye besuka eBali lakwaJuda ukuyokhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu ogama lakhe liyigama likaJehova Sebawoti, ohlala phakathi kwamakherubi letha.
UDavide wakhuphuka no-Israyeli wonke, waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi lakwaJuda, ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phakathi kwamakherubi ogama lakhe libizwa kuwo.
Uhlangothi olungaseningizimu lwalusukela ekupheleni kweKiriyati Jeharimi, umkhawulo waphuma waya ngasentshonalanga, waphuma waya emthonjeni waseNefitowa.
Abantwana bakwa-Israyeli basuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu. Imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBheroti, neKiriyati Jeharimi.
Bakhuphuka, bamisa eKiriyati Jeharimi kwaJuda; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iMahane-dani kuze kube namuhla; bheka, lingasemva kweKiriyati Jeharimi.
Bathuma izithunywa kwabakhileyo eKiriyati Jeharimi ukuthi: “AmaFilisti awubuyisile umphongolo kaJehova; yehla uzoyicosha kuwe.