UDavide wazilungiselela, wahamba nabo bonke abantu ababe naye besuka eBali lakwaJuda ukuyokhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu ogama lakhe liyigama likaJehova Sebawoti, ohlala phakathi kwamakherubi letha.
UJoshuwa 15:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhawulo wasuka eBhahala ngasentshonalanga, waya entabeni yaseSeyiri, wadlulela eceleni kweNtaba iJeharimi eyiKesaloni ngasenyakatho, wehlela eBeti Shemeshi, wadlulela eThimna; IBHAYIBHELI ELINGCWELE umkhawulo wajika usuka eBahala ngasentshonalanga, waya entabeni yaseSeyiri, wadlula waya eceleni kwentaba yaseJeharimi ngasenyakatho, eliyiKesaloni, wehlela eBeti Shemeshi, wadlula ngaseThimna; IsiZulu 2020 bese uzungeza ngasentshonalanga eBhahala uye entabeni iSeyiri, wedlule ngasenyakatho yomthambeka wentaba iJeharimi okuyiKhesaloni, wehlele eBheth Shemeshi, wedlulele eThimina; |
UDavide wazilungiselela, wahamba nabo bonke abantu ababe naye besuka eBali lakwaJuda ukuyokhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu ogama lakhe liyigama likaJehova Sebawoti, ohlala phakathi kwamakherubi letha.
Kodwa u-Amasiya akalalelanga. Ngakho uJowashi inkosi yakoIsrayeli wenyuka; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana eBeti Shemeshi lakwaJuda.
AmaFilisti ahlasela imizi yasethafeni neningizimu yakwaJuda, athumba iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSogo namaduka ayo, neThimna namadlelo ayo, neGimizo nemizana yalo bahlala khona.
umkhawulo waphuma waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho, umkhawulo waphuma waya eSikroni, wadlula entabeni yaseBahala, waphuma waya eJabineyeli; ukuphuma komngcele kwakusolwandle.
no-Ister, neMigidaleli, neHoremu, neBetanati, neBeti Shemeshi; imizi eyishumi nesishiyagalolunye nemizana yayo.
ne-Ayini namadlelo alo, neJuta namadlelo alo, neBeti Shemeshi namadlelo alo; imizi eyisishiyagalolunye kulezo zizwe ezimbili.
USamsoni wehlela eThimna, wabona owesifazane eThimna evela phakathi kwamadodakazi amaFilisti.
USamsoni noyise nonina baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lambhongela.
Bhekani, uma ikhuphuka ngendlela isuka ogwini lwakubo, iye eBeti Shemeshi, usenze lobu bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, sizokwazi ukuthi akusona isandla sakhe esisishayileyo; kwakuyithuba elenzeke kithi.