UJoshuwa 14:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Manje bheka, uJehova ungigcinile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, abantwana bakwa-Israyeli bezulazula ehlane; manje bheka, sengiyizinsuku ezingamashumi ayisishiyagalombili neminyaka emihlanu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, u-Israyeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla. IsiZulu 2020 “Manje, uSimakade ungivumele ngaphila njengalokhu ayeshilo, yonke le minyaka engama-45 kusukela ngesikhathi uSimakade akhuluma ngaso leli lizwi kuMose, ngesikhathi u-Israyeli esehamba edabula ehlane; manje ngisekhona nanamuhla, sengineminyaka engama-85. |
Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nezinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho; kodwa ngeke lisondele kuwe.
Ngokuqinisekile aniyikungena ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukuba nihlale kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune, ababephakathi kwamadoda ahamba ukuhlola izwe, babesaphila.
UJoshuwa wayesemdala, ehlushwe iminyaka; uJehova wathi kuye: “Usumdala, uneminyaka eminingi, kusekhona izwe eliningi ongalidla.
Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengalokho ayenjalo amandla ami ngaleso sikhathi, anjalo amandla ami manje okulwa, nokuphuma nokungena.
UMose wafunga ngalolo suku, wathi: “Impela izwe olunyathelwe yizinyawo zakho liyakuba yifa lakho nelababantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.