Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli; uHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; lezi ziyizizukulwane zikaRubeni.
UJoshuwa 13:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhawulo wabantwana bakwaRubeni wawuyiJordani nomkhawulo walo. Leli laliyifa labantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo, imizi nemizana yayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umkhawulo wabantwana bakwaRubeni wawuyiJordani nogu lwalo. Lelo laliyifa labantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo, imizi nemizana yabo. IsiZulu 2020 Umngcele wabakwaRubeni kwakuyiJordani nosebe lwalo. Leli kwakuyifa lozalo lukaRubeni ngokwemindeni yabo, imizi nemizana yabo. |
Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli; uHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; lezi ziyizizukulwane zikaRubeni.
Ngasemdeni ka-Efrayimi, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uRubeni, libe linye.
UBileyamu indodana kaBeyori, umthakathi, wabulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwalabo ababulawa yibo.