Uyambona umuntu okhuthele emsebenzini wakhe? uyakuma phambi kwamakhosi; angeke ame phambi kwabantu abakhohlakele.
UJoshuwa 10:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wafika kubo ngokuzumayo, wakhuphuka eGiligali ubusuku bonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wabafikela ngokuzumayo; wakhuphuka eGiligali ubusuku bonke. IsiZulu 2020 UJoshuwa wabathelekela bengazelele; kwazise wayehambe ubusuku bonke esuka eGiligali. |
Uyambona umuntu okhuthele emsebenzini wakhe? uyakuma phambi kwamakhosi; angeke ame phambi kwabantu abakhohlakele.
Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho; ngoba akukho msebenzi, nacebo, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
UJehova wabavusa phambi kuka-Israyeli, wababulala eGibeyoni ngokuceka okukhulu, wabaxosha endleleni ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.
UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akuyikubakho muntu kubo oma phambi kwakho.
Khona uJoshuwa nabo bonke abantu bempi bekanye naye babafikela ngasemanzini aseMeromu; bawela phezu kwabo.