Kodwa labo abafuna umphefumulo wami ukuwubhubhisa bayongena ezindaweni eziphansi zomhlaba.
UJoshuwa 10:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wayesethi kubo: “Ningesabi, ningapheli amandla; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza lokhu kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.” IsiZulu 2020 UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uSimakade uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.” |
Kodwa labo abafuna umphefumulo wami ukuwubhubhisa bayongena ezindaweni eziphansi zomhlaba.
Ngiyakukhumbula imisebenzi kaJehova; ngiyakukhumbula izimangaliso zakho zasendulo.
izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakwenza kuzo zonke izizwe ozesabayo.
Qina, ume isibindi, ngokuba laba bantu uyakubanika izwe engalifungela oyise ukubanika lona libe yifa labo.
Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.
UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akuyikubakho muntu kubo oma phambi kwakho.
Futhi uDavide wathi: “UJehova owangisindisa esandleni sengonyama nasoshawini lwebhere, nguyena oyangisindisa esandleni salo mFilisti. USawuli wasesithi kuDavida: Hamba, njalo uJehova uzakuba lawe.