Amakhosi ebutho abaleka masinyane, nenkosikazi eyayisele ekhaya yahlukanisa impango.
UJoshuwa 10:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa lawo makhosi amahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda. IsiZulu 2020 Lawo makhosi ayisihlanu abaleka, ayocasha emgedeni eMakheda. |
Amakhosi ebutho abaleka masinyane, nenkosikazi eyayisele ekhaya yahlukanisa impango.
Noma ulala phakathi kwezimbiza, uyakuba njengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva nezimpaphe zalo ngegolide eliphuzi.
Noma bemba endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubathatha; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.
Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume emigodini yabo njengezimpethu emhlabeni; bayakumesaba uJehova uNkulunkulu wethu, bakwesabe.
Ngakho amakhosi amahlanu ama-Amori, inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakishi, inkosi yase-Egiloni, abuthana, akhuphuka, wona nawo onke amabutho awo, amisa phambi kweGibeyoni nemizi yawo walwa nayo.
Amakhosi omhlaba, nezikhulu, nezinduna, nezicebi, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo, bacasha emihumeni nasemadwaleni ezintaba;
Isandla sakwaMidiyani saba namandla phezu kuka-Israyeli, abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imigodi esezintabeni, nemigede, nezinqaba ngenxa yabakwaMidiyani.
Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi baswele (ngokuba abantu babecindezelekile), abantu bacasha emihumeni nasemahlozini nasemadwaleni naseziqongweni nasemigodini.
Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kwakukhona khona umhume; uSawule wangena ukumboza izinyawo zakhe, kepha uDavide nabantu bakhe bahlala ezinhlangothini zomhume.
UDavide naye wasukuma emva kwalokho waphuma emhumeni, wabiza uSawule emva kwakhe, wathi: “Nkosi yami, nkosi! USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.