ukuze kuqinise lezo zinsuku zePhurimi ngezikhathi zazo ezimisiweyo, njengalokho uMoridekayi umJuda no-Esteri indlovukazi babayala, nanjengoko bezinqumile bona nenzalo yabo, izindaba zokuzila ukudla nokubiza kwabo.
UJona 3:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Suka uye eNineve, idolobha elikhulu, ushumayele ivangeli engikuyala ngalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.” IsiZulu 2020 “Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.” |
ukuze kuqinise lezo zinsuku zePhurimi ngezikhathi zazo ezimisiweyo, njengalokho uMoridekayi umJuda no-Esteri indlovukazi babayala, nanjengoko bezinqumile bona nenzalo yabo, izindaba zokuzila ukudla nokubiza kwabo.
UMose wayesemtshela u-Aroni onke amazwi kaJehova amthumileyo, nezibonakaliso zonke eyamyala ngazo.
Wena-ke bopha izinkalo zakho, usukume, ukhulume kubo konke engikuyala ngakho; ungethuki ebusweni babo, funa ngikwenze ube namahloni phambi kwabo.
Kodwa uJehova wathi kimi: Ungatsho ukuthi: Ngingumntwana, ngoba kumele uye kukho konke engikuthuma khona, lakho konke engikuyala ngakho, uzakukhuluma.
Kumelwe ukhulume amazwi ami kubo, kungakhathaliseki ukuthi bafuna ukuwezwa noma bayabayeka beme, ngoba bahlubuka kakhulu.
Ndodana yomuntu, ngakubeka umlindi wendlu ka-Israyeli; khona-ke yizwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ubaxwayise ngokusuka kimi.
Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze ngawo; ngoba ububi babo bukhuphukele phambi kwami.
UJona wayesesuka waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve laliwumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu.