Bazenqaba izimiso zakhe nesivumelwano sakhe asenza nawoyise nobufakazi bakhe abufakaza ngabo; balandela okuyize, baba yize, balandela izizwe ezazibazungeza, uJehova abayala ngazo ukuba bangenzi njengalokho abakwenzayo.
UJona 2:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ababona okuyize zamanga bashiya umusa wabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo. IsiZulu 2020 Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo. |
Bazenqaba izimiso zakhe nesivumelwano sakhe asenza nawoyise nobufakazi bakhe abufakaza ngabo; balandela okuyize, baba yize, balandela izizwe ezazibazungeza, uJehova abayala ngazo ukuba bangenzi njengalokho abakwenzayo.
Ngabheka ngakwesokunene sami, ngabona, kepha kwakungekho muntu ongangazi; akakho onakekela umphefumulo wami.
Ngisindise odakeni, ungangishoni; mangikhululwe kwabangizondayo nasemanzini ajulileyo.
Jehova, mandla ami, nenqaba yami, nesiphephelo sami ngosuku lwenhlupheko, abezizwe bayakuza kuwe bevela emikhawulweni yomhlaba, bathi: Obaba badla ifa lamanga, okuyize, nezinto ezingenakusiza.
Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.
Lalelani, zizwe zonke; lalela, mhlaba nakho konke okukuwo, iNkosi uJehova mayibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.