(Ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo) uma eza akhuleke ebheke kule ndlu;
UJona 2:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngithi: Ngilahliwe ebusweni bakho; nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngathi mina: ‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’ nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele. IsiZulu 2020 Ngase ngithi: ‘Ngixoshiwe ebusweni bakho, nokho ngiyobuye ngilibone ithempeli lakho elingcwele.’ |
(Ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo) uma eza akhuleke ebheke kule ndlu;
babuyele kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lezitha zabo ezabathumbayo, bakhuleke kuwe ngendlela yezwe labo owalinika oyise, umuzi owawukhethayo, nendlu engiyakhele igama lakho;
Ngiyakumchitha u-Israyeli ezweni engimnike lona; lendlu engiyingcwelisele igama lami, ngiyoyilahla ebusweni bami; u-Israyeli uyakuba yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.
Uma bebuyela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lokuthunjwa kwabo, lapho bethunjelwe khona, bekhuleka endleleni yezwe labo owalinika oyise, nasemzaneni owabanika wona. Oyikhethile, nendlu engiyakhele iGama lakho;
Ngokuba ngathi ekuphuthumeni kwami: Nginqunyiwe phambi kwamehlo akho; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami lapho ngikhala kuwe.
Kepha uJehova uyakuyala umusa wakhe emini, nasebusuku ingoma yakhe ibe nami, nomkhuleko wami kuNkulunkulu wokuphila kwami.
Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhuleke ethempelini lakho elingcwele ngokukwesaba.
Bheka, nganginomunyu omkhulu ngenxa yokuthula, kepha wawusindisa umphefumulo wami egodini lokubhubhisa, ngokuba walahla zonke izono zami ngemuva kwakho.
Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.
Ngiyakunixosha phambi kwami, njengalokho ngaxosha bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli; bheka, bathi: “Amathambo ethu omile, nethemba lethu liphelile; siqothulwe izingxenye zethu.
UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili.
Lapho umphefumulo wami uphela amandla phakathi kwami, ngacabanga ngoJehova, umkhuleko wami wafika kuwe ethempelini lakho elingcwele.