UJobe 9:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yena yedwa oweneka izulu, onyathela phezu kwamagagasi olwandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle; IsiZulu 2020 oweneka izulu yedwa, ahambe phezu kwamaza olwandle, |
wathi: “Uzakuza kuze kube manje, kepha awuyikudlula; lapha kuyakuvinjwa amaza akho aziqhenyayo na?
Ngezwi likaJehova izulu lenziwa; nalo lonke ibandla lawo ngomoya womlomo wakhe.
Indlela yakho iselwandle, nendlela yakho emanzini amakhulu, nezinyathelo zakho azaziwa.
Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba, nabakhileyo kuwo banjengesikhonyane; oweneka izulu njengesihenqo, waleneka njengetende lokuhlala;
Usho kanje uNkulunkulu uJehova, owadala, oweneka izulu; owendlala umhlaba nokuphuma kuwo; onika abantu abakulo ukuphefumula, nabahamba kulo umoya;
Usho kanje uJehova, uMhlengi wakho, owakubumba kwasesiswini sikanina: NginguJehova owenza konke; owelula isibhakabhaka yedwa; okuyiyona yodwa eyandisa umhlaba;
Futhi ukhohlwe uJehova, uMdali wakho, oweneka izulu nowabeka izisekelo zomhlaba; futhi wesaba njalonjalo izinsuku zonke ngenxa yolaka lomcindezeli, njengokungathi uselungele ukubhubhisa? luphi ulaka lomcindezeli na?
Ngakho kumelwe uthi kubo: Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayoshabalala emhlabeni nangaphansi kwaleli zulu.
Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, waleneka izulu ngecebo lakhe.
Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, weneka izulu ngokuqonda kwakhe.
Isiprofetho sezwi likaJehova ku-Israyeli, usho uJehova, oweneka izulu, obeka izisekelo zomhlaba, abumbe kuye umoya womuntu.
Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini;