UJobe 6:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngifundiseni, futhi ngizobamba ulimi lwami, futhi ngenze ngiqonde lapho engiduka khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngifundiseni, khona ngiyakuthula mina, ningiqondise lapho ngiduke khona. IsiZulu 2020 “Ngifundiseni, mina ngizothula du, ningichazele ukuthi ngone ngani. |
Bheka, ngiwalindile amazwi akho; Ngilalele izizathu zenu, ngenkathi nifuna ukuthi nithini.
Yeka ukuthi anamandla kangakanani amazwi alungile! kodwa ukhuzani ukuphikisana kwakho?
Ngizakufundisa ngikufundise indlela okumele uhambe ngayo: ngizakuqondisa ngeso lami.
Njengecici legolide nomhlobiso wegolide elicwengekileyo, kunjalo ukusola okuhlakaniphileyo endlebeni elalelayo.
Mfundise ohlakaniphileyo, uyakuhlakanipha nakakhulu; fundisa olungileyo, khona-ke uyoba nemfundo eyengeziwe.
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela;
Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu.