Yileli izwi uJehova alikhuluma ngaye; Intombi emsulwa, indodakazi yaseSiyoni, iyakudelela, yakuhleka; indodakazi yaseJerusalema yanikina ikhanda phezu kwakho.
UJobe 5:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyohleka ukubhujiswa nendlala, futhi ngeke uzesabe izilo zomhlaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakuhleka incithakalo nendlala, nezilo zomhlaba awuyikuzesaba. IsiZulu 2020 Ukubhubha nendlala uyokuhleka usulu, ungazesabi nezilo zomhlaba. |
Yileli izwi uJehova alikhuluma ngaye; Intombi emsulwa, indodakazi yaseSiyoni, iyakudelela, yakuhleka; indodakazi yaseJerusalema yanikina ikhanda phezu kwakho.
Uyakunyathela ingonyama nebululu; kufanele unyathele ibhongo lengonyama nodrako.
Akuyikuba khona lapho ingonyama, nesilwane esiphangayo asiyikufika kuwo, asiyikufunyanwa khona; kepha abakhululweyo bayakuhamba khona;
Impisi newundlu kuyakudla ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkunzi, nothuli lube yinyama yenyoka. Aziyikwenza okubi, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.
Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, ngenze ukuba izilo ezimbi ziphele ezweni, zihlale ehlane ngokulondeka, zilale ehlathini;
Ngalolo suku ngiyobenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni; ngiyakwaphula umnsalo, nenkemba, nempi emhlabeni, futhi uyobayeka balale belondekile.