Bheka, lezi yizingxenye zezindlela zakhe, kepha kuncane kangakanani okuzwiwayo ngaye? kepha ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?
UJobe 42:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngizwile ngawe ngendlebe, kepha manje iso lami liyakubona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kepha manje iso lami liyakubona. IsiZulu 2020 Ngezwa ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kodwa manje iso lami selikubonile, |
Bheka, lezi yizingxenye zezindlela zakhe, kepha kuncane kangakanani okuzwiwayo ngaye? kepha ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?
Manje kwalethwa kimi okuthile ngasese, futhi indlebe yami yemukela okuncane kwakho.
Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona iNkosi ihlezi esihlalweni sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo, umphetho wayo ugcwalisa ithempeli.
Ngasengisithi: Maye kimi! ngoba sengiphelile; ngokuba ngingumuntu onezindebe ezingcolile, ngihlala phakathi kwabantu abazindebe zingcolile; ngokuba amehlo ami abonile iNkosi, uJehova Sebawoti.
Jehova, ngizwile izwi lakho, ngesaba; Jehova, mawuphile umsebenzi wakho phakathi kweminyaka, wazise phakathi kweminyaka; olakeni khumbula umusa.
Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.